Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 15:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabafokazi ababe nabo bevela kwa-Efrayimi, noManase, nabakwaSimeyoni; ngoba batheleka kuye bevela kwa-Israyeli bebaningi, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabagogobele kubo bevela kwa-Efrayimi, nakwaManase, nakwaSimeyoni, ngokuba abaningi bahlubukela kuye bevela kwa-Israyeli, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe unaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Waqoqa wonke uJuda noBhenjamini, nababegogobele nabo bevela kwa-Efrayimi, kwaManase, kwaSimeyoni, ngokuba uquqaba oluningi lwaluhlubukele kuye, luvela kwa-Israyeli, ngesikhathi selubona ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakhe unaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 15:9
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Base bethi: “Sibonile nokubona ukuthi uJehova unawe; sathi: ‘Makube khona isifungo phakathi kwethu, phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe;


Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye, nokuthi uJehova wakuphumelelisa konke akwenzayo esandleni sakhe.


U-Israyeli wayihlubuka indlu kaDavide kuze kube namuhla.


Wonke u-Israyeli wezwa isahlulelo inkosi; besaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu bekukuyo ukwenza ukwahlulela.


Abanye bakwaManase bawela kuDavide ekufikeni kwakhe namaFilisti ukulwa noSawule; kodwa abazange babasize; ngokuba izikhulu zamaFilisti zameluleka ngokuthi: “Uyakuyibeka engozini uSawule inkosi yakhe.” zamakhanda ethu.


Ngemva kwabo bevela ezizweni zonke zakwa-Israyeli beza eJerusalema labo ababebeke izinhliziyo zabo ekufuneni uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuze bahlabele uJehova uNkulunkulu wawoyise.


Basebebuthana eJerusalema ngenyanga yesithathu ngomnyaka wetshumi lanhlanu wokubusa kuka-Asa.


UJehoshafati wahlala eJerusalema, wabuye waphuma phakathi kwabantu kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni zakwa-Efrayimi, wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise.


Lonke ibandla lakwaJuda, nabapristi namaLevi, nalo lonke ibandla elavela kwa-Israyeli, nabafokazi abavela ezweni lakwa-Israyeli nabahlala kwaJuda, bathokoza.


Wena-ke, ndodana yomuntu, zithathele induku ibe nye, ulobe kuyo ukuthi: EkaJuda, neyabantwana bakwa-Israyeli, abangane bakhe; uthathe enye intonga, ulobe kuyo ukuthi: EkaJosefa, ukhuni luka-Efrayimi, nendlu yonke yakwa-Israyeli, abangane bakhe;


Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


USawule wabona, wazi ukuthi uJehova wayenoDavide nokuthi uMikhali indodakazi kaSawule wayemthanda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ