Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 15:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Manje u-Israyeli wayesenesikhathi eside engenaye uNkulunkulu weqiniso nompristi ofundisayo futhi engenamthetho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Kwase kuyisikhathi eside u-Israyeli engenaye uNkulunkulu weqiniso, kungekho namphristi ofundisayo, kungekho namthetho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 15:3
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathumela ezikhulwini zakhe, oBeni-hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikaya, ukufundisa emizini yakwaJuda.


UNehemiya onguTirishatha, no-Ezra, umpristi, nombhali, namaLevi ayefundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili futhi ningakhali. Ngokuba bonke abantu bakhala lapho bezwa amazwi omthetho.


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe.


Amasango alo acwile emhlabathini; imigoqo yakhe wayichitha, wayiphula; inkosi yalo nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe; umthetho awusekho; abaprofethi bawo ababufumani ubuso bukaJehova.


Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.


Nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngenkonzo kaMose.


Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakuthuma khona indlala ezweni, kungabi-yindlala yesinkwa, kungabi ngokomela amanzi, kodwa eyokuzwa amazwi kaJehova.


Izinhloko zalo zahlulela ngenjongo yokuthola umvuzo, nabapristi balo bafundisa ngenjongo yokuthola umvuzo, nabaprofethi balo baprofetha ngenjongo yemali; nokho bayakwencika kuJehova, bathi: “Akakho uJehova phakathi kwethu na? akukho okubi okungasehlela.


Ngokuba izindebe zompristi kumelwe zigcine ulwazi, futhi kumelwe bafune umthetho emlonyeni wakhe, ngoba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.


Ngokuba bonke abonile bengenamthetho, bayakubhubha kanjalo bengenamthetho;


Kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho (ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kodwa ngiphansi komthetho kaKristu), ukuze ngizuze abangenamthetho.


Bayakufundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; bayonikela ngempepho phambi kwakho neminikelo yokushiswa e-altare lakho.


Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


Ngakho umbhishobhi umelwe ukuba ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, eqaphile, eqondileyo, eziphatha kahle, ephatha kahle izihambi, enekhono lokufundisa;


Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ