Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 14:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 U-Asa wenza okuhle nokulungileyo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 14:2
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise.


Wabasusa abaseSodoma ezweni, wasusa zonke izithombe okhokho bakhe ababezenzile.


Kodwa izindawo eziphakemeyo azizange zichezuke; kepha inhliziyo ka-Asa yayiphelele kuJehova zonke izinsuku zakhe.


U-Abiya wayeselala koyise, bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. Ezinsukwini zakhe izwe lalinokuthula iminyaka eyishumi.


Wawasusa ama-altare onkulunkulu bezizweni nezindawo eziphakemeyo, wadiliza izithombe, wagawula nezihlahla.


Futhi ngoMahaga, unina wenkosi u-Asa, wamsusa ekubeni yindlovukazi, ngoba wenza isithombe esibaziweyo ehlathini;


Inhliziyo yakhe yathokoza ngezindlela zikaJehova, wasusa izindawo eziphakemeyo nemithi engcwele kwaJuda.


Wahamba ngendlela kayise u-Asa, akaphambukanga kuyo ngokwenza okulungile emehlweni kaJehova.


Kwase kufika kuye incwadi evela kumprofethi uEliya, yathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngokuba awuhambanga ngezindlela zikayihlo uJehoshafati nangezindlela zika-Asa inkosi yakwaJuda, hamba,


Kwathi sekuphelile konke lokho, wonke u-Israyeli owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphahlaza izinsika, wagawula izihlahla, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kuwo wonke uJuda noBenjamini, kwa-Efrayimi noManase. Futhi, baze babashaya bonke ngesiqalekiso. Bonke abantwana bakwa-Israyeli babuyela, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


Wenza kanjalo uHezekiya kwaJuda wonke, wenza okuhle nokulungile nokuyiqiniso phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.


Esewabhidlizile ama-altare neziqu zemithi, ecolile izithombe ezibaziweyo zaba uthuli, wanquma zonke izithombe ezweni lonke lakwa-Israyeli, wabuyela eJerusalema.


Ungakhothameli onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengemisebenzi yabo; kodwa kumelwe ubashaye ngesiqalekiso esichithayo futhi ubhidlize izithombe zabo ezibaziweyo ngokuphelele.


ngobungcwele nokulunga phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwethu.


Kumelwe nigumbuqele ama-altare abo, niphihlize izinsika zabo futhi nishise iziqu zabo zemithi ngomlilo; futhi kumelwe nigawule izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo nichithe amagama azo kuleyo ndawo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ