Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 14:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJehova wawahlula amaKushe phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda; amaKushe abaleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJehova wawashaya amaKushe phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda; amaKushe abaleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 USimakade wawashaya amaKhushe phambi kuka-Asa noJuda; amaKhushe abaleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 14:12
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umkhawulo wamaKhanani wasuka eSidoni, wasinga eGerari, waya eGaza; ekuhambeni kwakho, eSodoma, naseGomora, nase-Adima, naseSeboyimi, naseLasha.


Basebethatha imfuyo yabo; amakamela abo abe yimihlambi eyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu namakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nezimbongolo eziyizinkulungwane ezimbili, namadoda ayizinkulungwane eziyikhulu.


nezinqola eziyizinkulungwane eziyishumi nambili nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha; abantu abaphuma naye eGibithe babengenakubalwa; amaLubi, amaSukimi, namaTopiya.


Base bekhamuluka abantu bakwaJuda, abantu bakwaJuda besakhamuluka, uNkulunkulu wahlula uJerobowamu no-Israyeli wonke phambi kuka-Abiya noJuda.


Bahlabela uJehova ngesikhathi sempango ababeyilethile, izinkomo ezingamakhulu ayisikhombisa nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa.


Lapho sebeqala ukuhlabelela nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nasezintabeni zaseSeyiri ababefikele uJuda; bashaywa.


NgoNkulunkulu sizakwenza ngesibindi, ngoba nguye ozanyathela izitha zethu.


Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane lamatshumi amathathu, ngalona lolosuku, wonke amabutho eNkosi aphuma elizweni leGibhithe.


Kwathi ngalona lolo suku uJehova ekhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.


Ase ekhumula amasondo ezinqola zawo, awagibelisa, kangangokuthi abaseGibithe bathi: “Masibaleke phambi kuka-Israyeli; ngoba uJehova uyabalwela emelene labaseGibhithe.


Aninjengabantwana bamaKushe yini kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli? kusho uJehova. Angimkhuphulanga yini u-Israyeli ezweni laseGibithe na? namaFilisti eKafitori, nama-Aramu aseKiri?


Kodwa makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.


Ngakho-ke mina ngigijima ngokunjalo, kungenjengokungaqondi; ngilwa kanjalo, kungenjengalowo oshaya umoya;


UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; bayakuphumela kuwe ngandlelanye, bakubaleke ngezindlela eziyisikhombisa.


Bhekani manje ukuthi ngiyilokhu nokuthi akakho unkulunkulu ngaphandle kwami. Ngiyabulala, ngiphilise; ngiyalimaza, ngipholise, akakho ongophula esandleni sami.


UJehova wabavusa phambi kuka-Israyeli, wababulala eGibeyoni ngokuceka okukhulu, wabaxosha endleleni ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ