Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 15:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 USawuli wasesithi kumaKheni: Hambani lisuke, lehlele phakathi kwamaAmaleki, ukuze ngingalibhubhi kanye lawo; ngoba wabonisa umusa kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo bephuma eGibhithe. Ngakho amaKheni asuka phakathi kwama-Amaleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 USawule wathi kumaKheni: “Hambani nimuke, nehle kuwo ama-Amaleki, funa nginichithe kanye nawo, ngokuba nabenzela umusa bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibithe.” Ayesesuka amaKheni phakathi kwama-Amaleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 USawule wathi kumaKheni: “Hambani, phumani, nisuke phakathi kwama-Amaleki, funa nginibhubhise nawo. Nina nabaphatha kahle abakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibhithe.” AmaKheni aphuma phakathi kwama-Amaleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 15:6
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makube kude nawe ukwenza kanjalo, ukubulala olungileyo kanye nomubi, nokuba olungileyo abe njengomubi, okude nawe; umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ubulungisa na?


Izizukulwana zababhali ababehlala eJabeshi; amaTire, namaSimeya, namaSuga. Lawa ngamaKheni avela kuHemati uyise wendlu kaRekabi.


Manje lalela izwi lami, ngizokululeka, futhi uNkulunkulu uyakuba nawe: yiba noNkulunkulu kubantu, ukuze ulethe izindaba kuNkulunkulu.


Yekani iziwula niphile; uhambe ngendlela yokuqonda.


Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.”


Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.


Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,


INkosi mayiphe umusa endlini ka-Onesiforu; ngokuba wangiqabula kaningi, akabanga namahloni ngamaketanga ami;


Nezithelo umphefumulo wakho ozifisayo zimukile kuwe, nakho konke okumnandi nokubukekayo kumuka kuwe, awusayikuzithola nhlobo.


Abantwana bamaKheni, umukhwe kaMose, bakhuphuka kanye nabantwana bakwaJuda besuka emzini wesundu baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; bahamba bahlala phakathi kwabantu.


UHebhere, umKheni, owayevela kubantwana bakwaHobabi, umukhwe kaMose, wazahlukanisa namaKheni, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se-okini laseSanayimi eKedeshi.


Uyakubusiswa uJayeli phezu kwabesifazane, umkaHebhere umKheni, abusiswe phezu kwabesifazane etendeni.


USawule wafika emzini ka-Amaleki, walala phansi esigodini.


Wathi u-Agi: “Iphi indlela oyenze ngayo namuhla na?” UDavide wathi: “Ngeningizimu yakwaJuda naseningizimu yamaJerameli naseningizimu yamaKheni.


nakulabo ababeseRagali, nakulabo ababesemizini yamaJerameli, nakulabo ababesemizini yamaKheni,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ