Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 15:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 USamuweli wasesithi: I Nkosi iyayithokozela yini iminikelo yokutshiswa lemihlatshelo ukwedlula ukulalela ilizwi le Nkosi? Bheka, ukulalela kungcono kunomhlatshelo, nokulalela kungcono kunamanoni ezinqama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 USamuweli wathi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 USamuweli wathi: “USimakade uyayenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaSimakade na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 15:22
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abela naye waletha amanye amazibulo ezimvu zakhe namanoni awo. UJehova wamnaka u-Abela nomhlatshelo wakhe.


Uma manje nilalela ngempela izwi lami futhi nigcina isivumelwano sami, niyoba ingcebo yempahla yami ngaphezu kwabantu bonke, ngoba umhlaba wonke ungowami.


Ukwenza ukulunga nokwahlulela kuyemukeleka kuJehova kunemihlatshelo.


Qaphela unyawo lwakho lapho uya endlini kaNkulunkulu, futhi uthande ukuzwa kunokunikela ngomhlatshelo weziwula; ngoba kabacabangi ukuthi benza okubi.


Engayala ngakho oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, esithandweni sensimbi, ngathi: Lalelani izwi lami, nenze njengokuniyala kwami; kanjalo niyakuba yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu;


Ngokuba ngabasola nokusola oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngivuka ekuseni ngibasola, ngathi: ‘Lalelani izwi lami.


Ngakho-ke lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu; uJehova uzozisola ngobubi akukhulume ngani.


Ngokuba ngifuna umusa, hhayi umhlatshelo; nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.


Bahlabela inyama yemihlatshelo yami, bayidle; kepha uJehova akabemukeli; manje uyakukhumbula ukona kwabo, ahambele izono zabo; bayakubuyela eGibithe.


Kepha uma benazi ukuthi kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngabe anibalahlanga abangenacala.


Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! Ngokuba nikhokha okweshumi kweminti, neanise, nekhumini, kepha niyeke okubaluleke kakhulu zomthetho, ukwahlulela, nesihawu, nokukholwa;


Shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe; qala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.


Kodwa hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.


Nokumthanda ngenhliziyo yonke, nangokuqonda konke, nangawo wonke umphefumulo, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.


Ngase ngithi: “AmaFilisti aseyakungifikela eGiligali, kepha angimncenganga uJehova;


USamuweli wayesethi kuSawule: “Wenze ngobuwula; awuwugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo; ngoba manje uJehova ubezakuqinisa ubukhosi bakho phezu kukaIsrayeli kuze kube nininini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ