Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 11:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 USawuli wasesithi: Kakungabulawa muntu lamuhla, ngoba lamuhla iN kosi iyenzele uIsrayeli insindiso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 USawule wathi: “Akuyikubulawa muntu namuhla, ngokuba namuhla uJehova usebenzile ukusindiswa kwa-Israyeli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 USawule wathi: “Namuhla makungabulawa muntu ngoba namuhla uSimakade nguye osindise u-Israyeli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 11:13
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nibe yizitha zami namuhla na? ingabe ukhona ozobulawa kwa-Israyeli namuhla? Angazi yini ukuthi ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli namuhla na?


Ngakho inkosi yathi kuSimeyi: Kawuyikufa. Inkosi yasifunga kuye.


Wasukuma wawahlula amaFilisti, saze sakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; amadoda abuya emva kwakhe ukuyophanga kuphela.


UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi; yimani, nibone ukusindiswa kweNkosi ezonenzela khona namuhla; ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubabona kuze kube phakade.


Ngakho uJehova wakhulula u-Israyeli ngalolo suku esandleni sabaseGibhithe; u-Israyeli wabona abaseGibithe befile ogwini lolwandle.


Wabona ukuthi kwakungekho muntu, wamangala ngokuthi kwakungekho mkhulumeli; ngalokho ingalo yakhe yamlethela insindiso; nokulunga kwakhe kwamsekela.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke;


Kepha abantwana bakwaBeliyali bathi: “Lo uyakusisindisa kanjani na?” Futhi bamdelela, futhi abazange bamlethele izipho. Kodwa wathula.


Abantu base bethi kuSawule: “Uyakufa uJonathani yini owenze lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? makube kude lokho; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nonwele lwekhanda lakhe; ngoba usebenze noNkulunkulu namuhla. Abantu bamsindisa uJonathani, ukuze angafi.


Wanikela ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wambulala umFilisti, uJehova wenza ukusindisa okukhulu ku-Israyeli wonke; wakubona wathokoza; pho, niyakona ngani egazini elingenacala, nibulale uDavide ngeze, na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ