Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kwabaseKorinte 3:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Ngokuba thina siyizisebenzi nje zikaNkulunkulu ezibambisene naye, nina niyinsimu yakhe, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kwabaseKorinte 3:9
41 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Itshe abalinqabayo abakhi laba yinhloko yegumbi.


Kuyakuba-khona isamba sikakolweni emhlabeni esiqongweni sezintaba; izithelo zawo ziyakuzamazama njengeLebanoni, nabasemzini bayokhahlela njengotshani bomhlaba.


Ukuhlakanipha kwakha indlu yakho, kwaqopha izinsika zakho eziyisikhombisa.


Nibusisiwe nina enihlwanyela ngasemanzini onke, nithuma imilenze yenkomo neyembongolo.


Ngokuba njengalokhu umhlaba uthela imbewu yawo, nanjengensimu ehlwanyelwe kuwo iwuhlumisa; kanjalo iNkosi uJehova iyakwenza ukuba kuhlume ubulungisa nodumo phambi kwezizwe zonke.


ukumisa abalilayo eZiyoni, ukubanika umhlobiso esikhundleni somlotha, amafutha entokozo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odabukileyo; ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga, okutshalwe nguJehova, ukuze adunyiswe.


Abafokazi bayakuma, baluse imihlambi yenu, abezizwe babe abalimi benu nabaphathi bezivini zenu.


Kodwa mina ngikutshale umvini omuhle, wonke uyimbewu yeqiniso; pho, ungiphendule kanjani ngibe yisithombo esibolile somvini wezizweni na?


Kepha waphendula wathi: “Zonke izithombo ezingatshalwanga nguBaba osezulwini ziyakusishulwa.


Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe.


Wasesithi kubafundi bakhe: Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana;


Base bephuma, bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo. Amen.


Lo uyitshe eladelwa nina bakhi, eseliyinhloko yegumbi.


Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?


Mina ngatshala, u-Apholo wanisela; kodwa uNkulunkulu wakhulisa.


Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?


Ngakho-ke esiyizisebenzi kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeli ize umusa kaNkulunkulu.


Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? ngokuba nina niyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; njengalokhu uNkulunkulu eshilo ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngizakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle uNkulunkulu ayimisela ngaphambili ukuba sihambe kuyo.


Nigxilile nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.


Kepha uma ngilibala, ukuze wazi ukuthi kufanele ukuziphatha kanjani endlini kaNkulunkulu, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.


Kodwa uKristu njengendodana phezu kwendlu yakhe; esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nokuzibonga kwethemba kuze kube sekupheleni.


Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.


Ngakho thina sifanele ukwamukela abanjalo, ukuze sibe abahlanganyeli eqinisweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ