Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 6:62 - Contemporary Zulu Bible 2024

62 Oonyana bakaGereshomu ngemindeni yabo banikwa imizi eyishumi nantathu esizweni sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nasesizweni sakwaManase eBashani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

62 namadodana kaGereshomu ngemindeni yawo esizweni sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nasesizweni sakwaManase, eBashani, imizi eyishumi nantathu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

62 Abozalo lukaGereshomu, ngemindeni yabo, anikwa esizwaneni sakwa-Isakhare, nesakwa-Asheri, nesakwaNafethali, nasengxenyeni yesizwana sakwaManase, eBhashani, kwaba yimizi eli-13.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 6:62
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nabafowabo, amaLevi, babemiselwe yonke imisebenzi yenkonzo yetabernakele lendlu kaNkulunkulu.


Abantwana bakwaKohati abasala ohlwini lozalo lwaleso sizwe banikwa imizi eyishumi engxenyeni yesizwe sakwaManase ngenkatho imizi eyishumi.


Oonyana bakaMerari ngenkatho ngokwemizalwane yabo, esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni, imizi eyishumi nambili.


Wamzalela indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu, ngokuba wathi: “Ngangingowezizwe ezweni labezizwe.”


Umkhawulo usuka eThabori, naseSahasima, naseBeti Shemeshi; ukuphuma komkhawulo wabo kwaseJordani: imizi eyishumi nesithupha nemizana yayo.


Abantwana bakwaGereshoni babelwa imizi eyishumi nantathu emindenini yesizwe sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nasenxenyeni yesizwe sakwaManase eBashani.


Abantwana bakwaMerari ngemindeni yabo babenemizi eyishumi nambili esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ