Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 28:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kepha uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wangikhetha phezu kwayo yonke indlu kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade, ngokuba wakhetha uJuda ukuba abe ngumbusi; nendlu kaJuda, indlu kababa; futhi phakathi kwamadodana kababa wayethanda ukuthi ngizenze inkosi phezu kukaIsrayeli wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Kodwa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wangikhetha endlini yonke kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade; ngokuba ukhethile uJuda ukuba abe ngumbusi, nasendlini kaJuda indlu kababa, naphakathi kwamadodana kababa wangenamela mina ukuba angibeke inkosi kwa-Israyeli wonke,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 “Nakuba kunjalo, uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wangiqoka endlini yonke kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade. Ngokuba ukhethe uJuda ukuba abe ngumbusi, endlini kaJuda, indlu kababa, emadodaneni kababa, wangithanda mina ukuba angibeke ngibe yinkosi yawo wonke u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 28:4
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ayesefika onke amadoda amakhulu akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova, amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.


Ngakho-ke, Jehova, izwi olikhulumile ngenceku yakho nangendlu yayo malime kuze kube phakade, wenze njengokusho kwakho.


Kakube kuhle kuwe ukubusisa indlu yenceku yakho ukuze ibe phambi kobuso bakho kuze kube nininini; ngoba uyabusisa, Jehova, njalo lizabusiswa kuze kube nininini.


Ngokuba uJuda waba namandla phezu kwabafowabo, kwaphuma kuye umbusi; kodwa ubuzibulo babungobukaJosefa.


Kepha ngikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho; ngakhetha uDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.


IGileyadi ingeyami; ungowami uManase; U-Efrayimi ungamandla ekhanda lami; UJuda ungumenzi womthetho wami;


Wangikhipha wangiyisa endaweni enkulu; Wangisindisa, ngokuba wayethokozile ngami.


Ngowami iGileyadi, ungowami uManase; U-Efrayimi ungamandla ekhanda lami; UJuda ungumenzi womthetho wami;


Ngiyakumisa inzalo yakho kuze kube phakade, ngakhe isihlalo sakho sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane. Sela.


Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu yavela kwaJuda; isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.


UJehova wasesithi kuSamuweli: Koze kube nini ulilela uSawuli, mina ngimalile ukuthi abuse phezu kukaIsrayeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe, ngiyakuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizilungisele inkosi phakathi kwamadodana akhe.


AbaseZifi beza kuSawule eGibeya, bathi: “UDavide akazicashi entabeni yaseHagila ephambi kukaJesimoni na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ