Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 26:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Inkatho yasempumalanga yadla uSelemiya. Base benza inkatho ngendodana yakhe uZakariya, umeluleki ohlakaniphileyo; inkatho yakhe yaphumela enyakatho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Inkatho yasempumalanga yadla uShelemiya. Base benza inkatho ngoZakariya indodana yakhe, umluleki ohlakaniphileyo; wadliwa yinkatho yasenyakatho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Unkatho lwasempumalanga lwadla uShelemiya. Base benza unkatho ngendodana yakhe, uZakhariya, owayengumeluleki owayehlakaniphile, wadliwa wunkatho lwasenyakatho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 26:14
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Benza inkatho, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu, ngokwezindlu zawoyise, ngesango ngalinye.


U-Obede Edomi ngaseningizimu; lamadodana akhe indlu ka-Asuphimi.


UMeshelemiya wayenamadodana nabafowabo, amadoda anamandla, ishumi nesishiyagalombili.


UZakariya indodana kaMeshelemiya wayengumlindisango womnyango wetende lokuhlangana.


Abalindisango babenezinhlangothi ezine, ngasempumalanga, nangasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu.


UKora, indodana kaJimna, umLevi, umlindisango ngasempumalanga, wayephethe izipho zokuzithandela zikaNkulunkulu, ukwaba iminikelo kaJehova nezinto ezingcwelengcwele.


Ngase ngithuma o-Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu, izinhloko; nakuJehoyaribi naku-Elinathani, amadoda ahlakaniphileyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ