Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 24:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 UShemaya indodana kaNethaneli, umbhali, omunye wamaLevi, waliloba phambi kwenkosi nezikhulu noSadoki umpristi no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara naphambi kwezinhloko zezindlu zawoyise babapristi namaLevi; zithathelwe u-Eleyazare, nenye eka-Itamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongowamaLevi, wabaloba phambi kwenkosi, nezikhulu, noSadoki, nezikhulu, noSadoki umpristi, no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi; enye indlu yawoyise yakhishelwa u-Eleyazare, nenye yakhishelwa u-Itamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongumLevi, waloba phambi kwenkosi, nezikhulu, naphambi kukaZadoki, umphristi, no-Ahimeleki, indodana ka-Abhiyathara, nezinhloko zoyise, abaphristi nabaLevi. Enye indlu yoyise yayivela ku-Eleyazare, enye ivela endlini ka-Ithamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 24:6
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

o-Elihorefi no-Ahiya, amadodana kaSisa, ababhali; uJehoshafati, indodana ka-Ahiludi, umbusi.


USadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abimeleki, indodana ka-Abiyathara, babengabapristi; futhi uShavasha wayengumlobi;


Lawa angamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise; nezinhloko zezindlu zawoyise, zabalwayo kubo ngokwenani lamagama ngamavoti azo, abenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.


Nabo benza inkatho ngabafowabo, amadodana ka-Aroni, phambi kwenkosi uDavide, noSadoki, no-Ahimeleki, nezinhloko zezindlu zawoyise zabapristi namaLevi, izinhloko zawoyise zimelane nabafowabo abancane.


Inkatho yokuqala yadla uJehoyaribi, neyesibili uJedaya,


Babephethe abathwali bemithwalo, bengababonisi bonke abenza umsebenzi kunoma iyiphi inkonzo; kumaLevi kwakukhona ababhali nezikhulu nabalindisango.


U-Ezra lo wenyuka evela eBhabhiloni; futhi wayengumbhali ohlakaniphile emthethweni kaMose uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ayewunike wona;


Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose uJehova ayala ngayo u-Israyeli.


Wayesethi kubo: “Ngakho wonke umbhali ofundisiwe embusweni wezulu ufana nomuntu umninindlu okhipha engcebweni yakhe izinto ezintsha nezindala.


Kwasekusiza umbhali othile wathi kuye: Mfundisi, ngizakulandela loba ngaphi lapho oya khona.


Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu ezinsukwini zika-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa, ezingavunyelwe ukudliwa ngabapristi kuphela, wanika nababe naye?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ