Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 22:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 UDavide wathi kuSolomoni: “Ndodana yami, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe: “Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 UDavide wathi kuSolomoni, indodana yakhe: “Bekusenhliziyweni yami ukuba ngakhe indlu, ngiyakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 22:7
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi inkosi ihlezi endlini yayo, uJehova wayinika ukuphumula ezitheni zayo zonke;


Ukuze amehlo akho avuleke kule ndlu, ubusuku nemini, nendawo owasho ngayo ukuthi: ‘Igama lami liyakuba lapho, ukuze uzwe umkhuleko inceku yakho eyakuwenza kule ndawo.


Wayesethi uJehova kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho okwenzile phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngimise igama lami khona kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona njalo.


Manje nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani, nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu, nilethe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezitsha ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.


Futhi njengoba ngiye ngayithanda indlu kaNkulunkulu wami, nginempahla yami, igolide nesiliva, engiyinike indlu kaNkulunkulu wami phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele indlu,


Bheka, ngakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngiyingcwelise, ngishise impepho phambi kwakhe, kube yizinkwa zokubukwa njalonjalo, kube ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga, emikhosini kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho waphakade kwa-Israyeli.


UNkulunkulu obeke igama lakhe lapho uchitha wonke amakhosi nabantu abayoshaya esandleni sabo ukushintsha nokuchitha le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina, Dariyu, ngakhipha umyalo; makwenziwe ngesivinini.


ngize ngitholele uJehova indawo, nendawo yokuhlala kaNkulunkulu onamandla kaJakobe.


Kuyakuba khona indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba ahlale kuyo igama lakhe; lapho uyakuletha konke engikuyala ngakho; iminikelo yenu yokushiswa nemihlatshelo yenu, okweshumi kwenu nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu nazo zonke izithembiso zenu zekhethelo enizenza kuJehova.


Uma ikude nawe indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayikhethile ukuba abeke igama lakhe kuyo, uyakuhlaba izinkomo zakho nezimvu zakho uJehova akunike zona, njengalokho ngakuyala, udle emasangweni akho konke. Lokho umphefumulo wakho okufisayo.


Kodwa endaweni uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba amise igama lakhe kuyo, ngisho nalapho ehlala khona kumelwe nifune, futhi niyofika lapho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ