Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 22:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Manje nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani, nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu, nilethe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezitsha ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Ngakho-ke nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu, nifune uSimakade uNkulunkulu wenu. Sukani nakhe indawo engcwele kaSimakade uNkulunkulu, ukuze kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu kuleyo ndlu eyokwakhelwa igama likaSimakade.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 22:19
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Niyazi nina ukuthi ubaba uDavide wayengenakulakhela igama likaJehova uNkulunkulu wakhe indlu ngenxa yezimpi ezazimzungezile, uJehova waze wayibeka phansi kwamathe ezinyawo zakhe.


Ngamisela lapho indawo yomphongolo okukuyo isivumelwano sikaJehova asenza nawobaba lapho ebakhipha ezweni laseGibithe.


Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo endlini engaphakathi yendlu, eNgcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.


Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mayijabule inhliziyo yabafuna uJehova.


Funani uJehova namandla akhe, nifune ubuso bakhe njalo.


Igolide, isiliva, ithusi, nensimbi, akunakubalwa. Sukuma wenze, uJehova abe nawe.


UDavide wathi kuSolomoni: “Ndodana yami, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.


Wena-ke, ndodana yami, Solomoni, yazi wena uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo langengqondo evumayo; ngokuba uJehova uhlola zonke izinhliziyo, uqonda yonke imicabango yemicabango; uma nimfuna, niyotholwa; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


UJehoshafati wesaba, waqala ukumfuna ukumfuna uJehova, wamemezela usuku lokuzila ukudla kwaJuda wonke.


Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo endlini engaphakathi yendlu, eNgcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi;


Ngawufaka kulo umphongolo, okukhona kuwo isivumelwano sikaJehova asenza nabantwana bakwa-Israyeli.


Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe futhi abamfunayo ngenhliziyo yabo yonke.


UJehova wabuka esezulwini abantwana babantu ukuba abone ukuthi ukhona yini oqondayo nofuna uNkulunkulu.


Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna; ukuze ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuhamba kwami, ukuze ngibone inkazimulo kaJehova, ngibuze ethempelini lakhe.


Bangenzele indlu engcwele; ukuze ngihlale phakathi kwabo.


Vuka, ukhanye; ngoba ukukhanya kwakho kufikile, lenkazimulo yeNKOSI iphuma phezu kwakho.


Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifuna ngenhliziyo yenu yonke.


Ngabhekisa ubuso bami eNkosini uNkulunkulu ukuba ngifune ngomkhuleko nangokunxusa, ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


Manje, usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani izindlela zenu.


Khuphukani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuthokoza ngalo, ngikhazimulise,” usho uJehova.


Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.


Manje ulibelelani na? sukuma ubhapathizwe, uhlanze izono zakho, ubize igama leNkosi.


Kodwa uma nifuna uJehova uNkulunkulu wenu lapho, niyomthola, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ