Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 22:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Khona-ke uyakuba nempumelelo, uma ulalela ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngakho uMose ngo-Israyeli: qina, uqine; ningesabi, ningapheli amandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo-Israyeli; qina, ume isibindi; ungesabi, ungabi naluvalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Khona uyakuphumelela, uma ugcina izimiso nezehlulelo uSimakade ayala ngazo uMose ngo-Israyeli. Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 22:13
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mina ngihamba indlela yomhlaba wonke; khona-ke qina, uzibonakalise uyindoda;


ugcine umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe, njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo; futhi nomaphi lapho uphendukela khona;


Qaphelani manje; ngokuba uJehova ukukhethile ukuba wakhe indlu yendlu engcwele; qina ukwenze.


UDavide wayesethi kuSolomoni indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akushiye, uze uqede wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.


Ngiyakuqinisa umbuso wakhe kuze kube phakade, uma ephikelela ukwenza imiyalo yami nezimiso zami njenganamuhla.


Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, ngokuba izwe lalinokuthula, kwakungekho mpi ngaleyo minyaka; ngoba iNkosi yamnika ukuphumula.


Bavuka ekuseni kakhulu, basuka baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo, uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda, nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.


Wamfuna uNkulunkulu ezinsukwini zikaZakariya, owayenengqondo emehlweni kaNkulunkulu; zonke izinsuku zokumfuna kwakhe uJehova, uNkulunkulu wamphumelelisa.


Qinani, nime isibindi, ningayesabi, ningathuki ngenkosi yase-Asiriya naso sonke isixuku esinayo, ngokuba abanathi baningi kunabanaye.


Uyakuba njengesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi saso; neqabunga lawo aliyikubuna; futhi konke akwenzayo kuyophumelela.


Khona angiyikujabha, uma ngigcina yonke imiyalo yakho.


Ihubo likaSolomoni. Nika inkosi izahlulelo zakho, Nkulunkulu, nendodana yenkosi ukulunga kwakho.


Kepha manje qina, Zerubabele, usho uJehova; futhi qina, Joshuwa, ndodana kaJosefa, mpristi omkhulu; niqine nina nonke bantu bezwe,” usho uJehova, “nisebenze; ngokuba nginani,” usho uJehova Sebawoti.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Maziqine izandla zenu nina enizwa lawa mazwi ngalezi zinsuku ngomlomo wabaprofethi ababekhona mhla kubekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli lalingakhiwa.


UJesu waphendula wathi kuye: Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke. Wase emvumela.


Esemkhiphile wabavusela uDavida abe yinkosi yabo; wafakaza ngaye, wathi: “Ngimfumene uDavide indodana kaJese, indoda yenhliziyo yami, eyakufeza yonke intando yami.


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


Thwalisanani imithwalo yenu, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.


Elokugcina, bazalwane bami, qinani eNkosini nasemandleni akhe amakhulu.


Ngakho wena, ndodana yami, qina emuseni okuKristu Jesu.


Uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo othi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle;


Noma ubani ovukela umyalo wakho futhi angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho kumelwe abulawe; vele uqine ugcwale isibindi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ