Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 2:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wathatha kubo iGeshuri ne-Aramu nemizi yaseJayire, neKenati nemizi yayo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMagire uyise kaGileyadi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 UGeshuri no-Aramu bathatha imizana kaJayiremi, iKenathi nemizana yalo, imizi engama-60. Bonke laba babengamadodana kaMakhiri, uyise kaGileyadi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 2:23
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMagiri, indodana kaManase, bakhuliselwa emadolweni kaJosefa.


U-Abisalomu wayesebaleka, waya eGeshuri, waba khona iminyaka emithathu.


Indodana kaGeberi eRamoti kwaGileyadi; kuye kwakukhona imizi kaJayire indodana kaManase eseGileyadi; kuye kwakukhona isifunda sase-Arigobhi eseBashani, imizi emikhulu engamashumi ayisithupha enezindonga nemigoqo yethusi.


USegubi wazala uYayire, owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi.


Emva kokufa kukaHetseroni eKalebefratha, u-Abiya umkaHezironi wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.


UJayire indodana kaManase walithatha lonke izwe lase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGesuri neMahagati; wawabiza ngegama lakhe ngokuthi iBashani Havoti-Jayire kuze kube namuhla.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMagati, kepha amaGeshuri namaMagati ahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.


Umkhawulo wabo wasukela eMahanayimi, lonke iBashani, wonke umbuso ka-Ogi, inkosi yaseBashani, nayo yonke imizana yaseJayire eseBashani: imizi engamashumi ayisithupha;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ