Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 19:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 UDavida wasesithi: Ngizamenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, ngoba uyise wangenzela umusa. UDavide wayesethuma izithunywa ukumduduza ngoyise. Zase zifika izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni eHanuni ukumduduza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, ngokuba uyise wangenzela umusa.” UDavide wayesethuma izithunywa ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni kuHanuni ukumduduza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, ngokuba uyise wangenzela umusa.” UDavide wayesethumela izithunywa ukuba ziyomduduza ngokulahlekelwa nguyise. Izinceku zikaDavide zafika kwa-Amoni kuHanuni, zamduduza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 19:2
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavida wasesithi: Kusele oyedwa yini wendlu kaSawuli ukuthi ngimenzele umusa ngenxa kaJonathani?


UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba ngiyakukwenzela nokukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo, ngibuyisele lonke izwe likayihlo uSawule; futhi kumelwe nidle isinkwa njalo etafuleni lami.


Wathi kuye: “Mtshele ukuthi: Bheka, usinakekele ngakho konke lokho; yini okumele yenzelwe wena? uyakuthiwa enkosini noma enduneni yebutho na? Wathi: “Ngihlala phakathi kwabantu bakithi.”


Emva kwalokho wafa uNahashe inkosi yoonyana baka-Amoni, indodana yakhe yaba yinkosi esikhundleni sakhe.


Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Ingabe ucabanga ukuthi uDavide uyamdumisa uyihlo lokhu ethumele abaduduzi kuwe na? Izinceku zakhe azifikanga yini kini ukuhlola izwe, nokuchitha, nokuhlola na?


Ngalolo suku bafunda encwadini kaMose ezindlebeni zabantu; futhi kwatholakala kulo ukuthi abakwa-Amoni nabakwaMowabi abayikungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade;


UThobiya umAmoni wayenaye, wathi: “Nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakuludiliza ugange lwabo lwamatshe.”


Kodwa kwathi lapho uSanibhalati noThobiya nama-Arabhu nabantwana bakwa-Amoni nabase-Ashidodi bezwa ukuthi izindonga zaseJerusalema zazakhiwe nokuthi imifantu isiqalile ukuvalwa, bathukuthela kakhulu.


Inkosi yasisithi: Ludumo luni lesithunzi uMordekhayi akwenzileyo ngalokhu? Izinceku zenkosi ezaziyikhonza zathi: “Akenziwanga lutho.”


Kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo, yawusindisa umuzi ngokuhlakanipha kwayo; nokho akakho owamkhumbula lowo muntu ompofu.


Kwafika abaningi kumaJuda kuMarta noMariya ukuze babaduduze ngomnewabo.


UDavida esefikile eZikilagi, wathuma enye empangweni kubadala bakoJuda kubangane bakhe, wathi: Khangelani, kukhona isipho senu empangweni yezitha zikaJehova;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ