Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 17:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile ukuba uye koyihlo, ngiyakuzala inzalo yakho emva kwakho eyakuvela emadodaneni akho; ngizawuqinisa umbuso wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho, eyakuba ngeyamadodana akho; ngiyakuqinisa umbuso wayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlomkhulu, ngimise abozalo lwakho omunye zalweni lwakho, ngiwuqinise umbuso wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 17:11
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kumelwe uye koyihlo ngokuthula; uzongcwatshwa usumdala.


Uma kungenjalo, uma inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni siyakuthiwa iziphambeko.


UDavide wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide.


Kodwa wena akumelwe uyakhe indlu; kepha indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.


UJehova waligcwalisa izwi lakhe alikhulumayo, ngase ngisuka ekamelweni likaDavide ubaba, ngahlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli, njengalokho uJehova ethembisile, nangakhela igama likaJehova uNkulunkulu indlu yakwa-Israyeli.


Kusukela kulesosikhathi engalaya ngaso ukuthi kube labahluleli phezu kwabantu bami uIsrayeli. Futhi ngizozithobisa zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uzakukwakhela indlu.


Nguye ozangakhela indlu, ngiqinise isihlalo sakhe sobukhosi kuze kube nininini.


Kuwo wonke amadodana ami, ngokuba uJehova wangipha amadodana amaningi, wakhetha uSolomoni indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwa-Israyeli.


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, akakho osalayo.


Wafa esemdala, esanelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Kodwa akumelwe uyakhe indlu; kepha indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.


UJehova wafunga kuDavide ngeqiniso; akayikuphenduka kukho; Esithelweni somzimba wakho ngiyakuhlala esihlalweni sakho sobukhosi.


Amazulu azadumisa izimangaliso zakho, Jehova, lawe ugane ebandleni labangcwele.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “UDavide akayikuswela muntu wokuhlala esihlalweni sobukhosi sendlu yakwa-Israyeli;


Ngoba uDavida esekhonze esizukulwaneni sakhe ngentando kaNkulunkulu, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola;


Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa wangcwatshwa, nethuna lakhe lisekhona kithi kuze kube namuhla.


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, wena uyakulala koyihlo; lababantu bayakusukuma baphinge nonkulunkulu babafokazi bezwe abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangilahle, baphule isivumelwano sami engasenza nabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ