Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 13:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo suku, wathi: “Ngingawuletha kanjani umphongolo kaNkulunkulu endlini yami na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo suku; wathi: “Ngizakuletha kanjani umphongolo kaNkulunkulu kimi na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo lusuku, wathi: “Pho ngingawungenisa kanjani kwami umphongolo kaNkulunkulu na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 13:12
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kodwa ingabe uNkulunkulu uzophila ngempela emhlabeni? bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo?


UDavide wadabuka ngokuba uJehova efohla e-Uza; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iPheresi-uza kuze kube namuhla.


UDavide akawulethanga umphongolo kuye emzini kaDavide, kepha wawuphambukisela endlini ka-Obede Edomi umGiti.


Kepha uDavide wayengenakuhamba phambi kwakhe ukubuza kuNkulunkulu, ngokuba wayesaba inkemba yengelosi kaJehova.


Inyama yami iyathuthumela ngenxa yakho; futhi ngiyazesaba izahlulelo Zakho.


Ngasengisithi: Maye kimi! ngoba sengiphelile; ngokuba ngingumuntu onezindebe ezingcolile, ngihlala phakathi kwabantu abazindebe zingcolile; ngokuba amehlo ami abonile iNkosi, uJehova Sebawoti.


Khona weza obamukele italenta lalinye, wathi: Nkosi, bengikwazi wena ukuthi ungumuntu olukhuni, uvuna lapho ongahlwanyelanga khona, ubutha lapho ongazange uhlakaze khona;


Base bethi abantu baseBeti Shemeshi: “Ngubani ongema phambi kwalo Jehova uNkulunkulu ongcwele na?” futhi uyokwenyukela kubani esuka kithi?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ