Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 12:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 UDavide waphuma ukubahlangabeza, waphendula, wathi kubo: “Uma niza kimi ngokuthula ukungisiza, inhliziyo yami iyonamathela kini; kepha uma niza ukungikhaphela ezitheni zami, njengokuba kungekho bubi esandleni sami, uNkulunkulu wawobaba uyakubheka, akusole.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: “Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 UDavide waphuma wayobahlangabeza, wathi kubo: “Uma nize lapha kimi ngokuthula, nizongisiza, sizobambisana, kodwa uma nizongiyengela ezitheni zami, uNkulunkulu wokhokho bethu makakubone lokho, abe nguMehluleli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 12:17
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, nokwesaba kuka-Isaka, wayengenami, ngabe ungimukise ngize. UNkulunkulu ulubonile usizi lwami nomsebenzi wezandla zami futhi wakusola izolo ebusuku.


UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu kayise wabo, makahlulele phakathi kwethu. UJakobe wafunga ngokwesaba kukayise u-Isaka.


U-Adoniya indodana kaHagiti wafika kuBati Sheba unina kaSolomoni. Wathi: “Uza ngokuthula na?” Wathi: “Ngokuthula.”


Esesukile lapho, wathungela uJonadaba indodana kaRekabi owafika ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye: Inhliziyo yakho ilungile yini, njengoba inhliziyo yami injalo enhliziyweni yakho? UJonadaba waphendula wathi: “Kunjalo.” Uma kunjalo, nginike isandla sakho. Wamnika isandla sakhe; wamyisa kuye enqoleni.


UJoramu esembonile uJehu wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu na?” Wathi: “Kuthula kuni, lapho ubufebe bukanyoko u-Izebeli nobuthakathi bakhe busengaka na?”


Kwafika nabanye babantwana bakwaBenjamini noJuda entabeni kanye noDavide.


Umoya wehlela phezu kuka-Amasayi owayeyinduna yezinduna, wathi: “Singakuwe, Davide, singakuwe, ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula kube kuwe, nokuthula kubasizi bakho; ngoba uNkulunkulu wakho uyakusiza. UDavide wabamukela, wabenza abaholi beviyo.


Vuka, Jehova, ngentukuthelo yakho, uziphakamise ngenxa yentukuthelo yezitha zami, uvuke ngenxa yami ngenxa yokwahlulela okuyale ngakho.


Ngifundise indlela yakho, Jehova; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; hlanganisa inhliziyo yami ukuba yesabe iGama lakho.


Ngizabanika inhliziyo eyodwa lendlelanye, ukuze bangesabe kuze kube nininini, kube yinzuzo yabo leyabantwana babo emva kwabo.


UJehova wayesethi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane! yebo, uJehova owakhetha iJerusalema uyakukhuza. Akusona isitsha somlilo esikhishwe emlilweni na?


Kepha isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; kodwa bahlanganyela zonke izinto.


Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume nto-nye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu; kodwa ukuze nihlanganiswe ngokugcwele emqondweni munye nasekuboneni kunye.


Ekugcineni, bazalwane, salani kahle. Niphelele, niduduzeke, nibe nhliziyonye, nihlale ngokuthula; futhi uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Kuphela ukuhamba kwenu makube njengokufanele ivangeli likaKristu, ukuze kuthi noma ngiza nginibona, noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu, ukuthi nime niqinile emoyeni munye, nganhliziyonye nilwela ukukholwa kweNkosi ivangeli;


owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga.


Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ebambene noSathane bephikisana ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokumbeka icala lokuthuka, kodwa wathi: “INkosi mayikukhuze.


USamuweli wenza njengokusho kukaJehova, wafika eBetlehema. Amalunga omuzi ethuthumela ekufikeni kwakhe, athi: “Uza ngokuthula na?


Kwathi eseqedile ukukhuluma loSawuli, umphefumulo kaJonathani wanamathela emphefumulweni kaDavida; uJonathani wamthanda njengomphefumulo wakhe.


UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wayemthanda njengomphefumulo wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ