1 iziKronike 12:17 - Contemporary Zulu Bible 202417 UDavide waphuma ukubahlangabeza, waphendula, wathi kubo: “Uma niza kimi ngokuthula ukungisiza, inhliziyo yami iyonamathela kini; kepha uma niza ukungikhaphela ezitheni zami, njengokuba kungekho bubi esandleni sami, uNkulunkulu wawobaba uyakubheka, akusole. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE17 UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: “Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202017 UDavide waphuma wayobahlangabeza, wathi kubo: “Uma nize lapha kimi ngokuthula, nizongisiza, sizobambisana, kodwa uma nizongiyengela ezitheni zami, uNkulunkulu wokhokho bethu makakubone lokho, abe nguMehluleli.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Esesukile lapho, wathungela uJonadaba indodana kaRekabi owafika ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye: Inhliziyo yakho ilungile yini, njengoba inhliziyo yami injalo enhliziyweni yakho? UJonadaba waphendula wathi: “Kunjalo.” Uma kunjalo, nginike isandla sakho. Wamnika isandla sakhe; wamyisa kuye enqoleni.