Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngalokho onke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nabo eHebroni phambi kukaJehova; bamgcoba uDavide abe yinkosi phezu kuka-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Wonke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebhroni. UDavide wenza nawo isivumelwano eHebhroni, phambi kukaSimakade. Amgcoba uDavide waba yinkosi kwa-Israyeli, njengokusho kwezwi likaSimakade ngomlomo kaSamuweli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:3
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadoda akwaJuda afika amgcoba lapho uDavide abe yinkosi phezu kwendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide, bathi: “Ngamadoda aseJabeshi eGileyadi ammbela uSawule.”


Ayesefika onke amadoda amakhulu akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova, amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.


EHebroni wabusa phezu kukaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu phezu kuka-Israyeli wonke noJuda.


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaJehova nenkosi nabantu ukuba babe ngabantu bakaJehova; naphakathi kwenkosi nabantu.


Izinceku zakhe zayithwala ngenqola ifile, zisuka eMegido, zayiyisa eJerusalema, zammbela ethuneni lakhe. Abantu bezwe bathatha uJehowahazi, indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.


Laba babe yizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, aziqinisa naye embusweni wakhe kanye no-Israyeli wonke ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.


Ibandla lonke lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu. Wathi kubo: “Bheka, indodana yenkosi iyakuba yinkosi, njengalokho uJehova wakhuluma ngamadodana kaDavide.


UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi, abantu bammisa waba yinhloko nombusi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa.


Bonke abantu baya eGiligali; bambeka khona uSawule inkosi eGiligali phambi kukaJehova; banikela khona imihlatshelo yokubonga phambi kukaJehova; uSawule nawo wonke amadoda akwa-Israyeli bajabula kakhulu lapho.


USamuweli wasesithi kuye: Lamuhla uJehova udabule umbuso wakoIsrayeli kuwe, wawunika umakhelwane wakho ongcono kulawe.


UJehova wasesithi kuSamuweli: Koze kube nini ulilela uSawuli, mina ngimalile ukuthi abuse phezu kukaIsrayeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe, ngiyakuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizilungisele inkosi phakathi kwamadodana akhe.


Ubizele uJese emhlatshelweni, mina-ke ngizakutshengisa ofanele ukwenze; futhi kumelwe ungigcobele lowo engikubizele yena.


Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala ehlathini, uJonathani waya endlini yakhe.


UJehova wenza kuye njengokukhuluma kwakhe ngesandla sami, ngokuba uJehova wahlwitha umbuso esandleni sakho, wawunika umakhelwane wakho uDavide.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ