Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 10:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Akabuzanga kuJehova; ngalokho wambulala, wabunikela ubukhosi kuDavide indodana kaJese.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 engabuzanga kuJehova; ngalokho-ke wambulala, wabuyisela umbuso kuDavide indodana kaJese.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 engabuzanga kuSimakade. Ngakho-ke wambulala, umbuso wawubuyisela kuDavide, indodana kaJese.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 10:14
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ayesefika onke amadoda amakhulu akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova, amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.


Lezi ziyizinombolo zamaviyo ayehlomele impi eza kuDavide eHebroni ukuze abuyisele ubukhosi bukaSawule kuye njengezwi likaJehova.


Mina ngizakuba nguyise, yona ibe yindodana yami;


U-Asa wagula ezinyaweni zakhe ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, isifo sakhe saba sikhulu kakhulu; kepha ekuguleni kwakhe akafunanga uJehova, kepha izinyanga.


Lowo ophindisela okubi ngokuhle, ububi abuyikusuka endlini yakhe.


Izembe lingaziqhayisa ngogawula ngalo na? Noma ingabe isaha liyozikhulisa ngokumelene nalowo olinyakazisayo? njengokungathi induku ithuthumela phezu kwabayiphakamisayo, noma sengathi induku iziphakamisa njengokungathi akulona ukhuni.


Kodwa akaqondile, nenhliziyo yakhe ayicabangi kanjalo; kodwa kusenhliziyweni yakhe ukungabhubhisi nokuqothula izizwe ezimbalwa.


Amadoda ayesethatha empahleni yawo, akabuzanga lutho emlonyeni kaJehova.


Kepha manje umbuso wakho awuyikuba khona; uJehova wazifunela indoda ethandwa yinhliziyo yakhe; uJehova wamyala ukuba abe ngumbusi phezu kwabantu bakhe, ngokuba awugcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.


USamuweli wasesithi kuye: Lamuhla uJehova udabule umbuso wakoIsrayeli kuwe, wawunika umakhelwane wakho ongcono kulawe.


UJehova wasesithi kuSamuweli: Koze kube nini ulilela uSawuli, mina ngimalile ukuthi abuse phezu kukaIsrayeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe, ngiyakuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizilungisele inkosi phakathi kwamadodana akhe.


UJehova wenza kuye njengokukhuluma kwakhe ngesandla sami, ngokuba uJehova wahlwitha umbuso esandleni sakho, wawunika umakhelwane wakho uDavide.


Lapho uSawule ebuza kuJehova, uJehova akamphendulanga, kungengamaphupho, nange-Urimi, nangabaprofethi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ