Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 8:11 - Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe embusweni wezulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kepha ngithi kini: baningi abayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale, badle no-Abhrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe embusweni wezulu.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 8:11
40 Referans Kwoze  

ukuze abezizwe babe yizindlalifa kanye nami, futhi babe umzimba ofanayo, futhi abahlanganyeli sesithembiso sakhe kuKristu ngevangeli.


Zibusisiwe lezozinceku, okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile;


lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Sebezwile lezizinto bathula, bamdumisa uNkulunkulu, besithi: Ngakho uNkulunkulu unikile labezizwe ukuphendukela ekuphileni.


Abasokile abakholwayo ababeze noPetru bamangala, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.


esizweni sakwa-Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili,


okuwuphawu lokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu, ukuze nibalwe njengabafanele umbuso kaNkulunkulu, enihlupheka ngenxa yawo;


Kodwa kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, elulibo lwabaleleyo.


Anazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa: nazifebe, nabakhonza izithombe, naziphingi, nabesilisa abalalanayo, nabesilisa abalalanayo,


Sebefikile, balibuthela ndawonye ibandla, balandisa ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo, nokuthi uvulele abezizwe umnyango wokukholwa.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


Kwasekusithi wafa ompofu, wathwalwa yizingilosi esifubeni sikaAbrahama;


wathi: Phendukani, ngoba umbuso wezulu ususondele.


UJesu ekuzwa wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngithole ukholo olungaka nakwa-Israyeli.


Bathi kuye: “Uyakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe asiqashe kwabanye abalimi, abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite