Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 7:15 - Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 “Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 7:15
54 Referans Kwoze  

Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.


Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.


Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu.


Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.


Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nazi lokho ngaphambili, xwayani ukuba nidukiswe nokuduka kwababi, niwe ekuqineni kwenu.


Maye kini, nxa bonke abantu bekhuluma kahle ngani! ngoba oyise babo benza njalo kubaprofethi bamanga.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;


Xwayani izinja, xwayani izisebenzi ezimbi, xwayani abasikayo.


ukuze singabe sisaba abantwana, sijikijelwa ngapha nangapha, siqhutshwa yiwo wonke umoya wemfundiso, ngobuqili babantu, nobuqili bobuqili abaqamekela ukudukisa ngabo;


futhi ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa bengazi, abangena ngokunyenya ukuze bahlole ukukhululeka kwethu esilakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqili;


Wathi kubo: Qaphelani, nixwaye ukuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumi echichimeni lempahla yakhe.


Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana namasele.


Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


Ngakho qaphelani, funa nehlele okwakhulunywa ngakho kubaprofethi;


Kodwa okhokhelwayo, engesiye umalusi, izimvu ezingezona ezakhe, ebona impisi iza, uyazishiya izimvu, abaleke, impisi izibambe, izihlakaze.


Aniqondi kanjani ukuthi angikhulumanga kini ngesinkwa ukuthi nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi na?


UJesu wasesithi kubo: Qaphelani liqaphele imvubelo yabaFarisi labaSadusi.


Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo;


Ngabona owesifazane edakwe yigazi labangcwele, negazi labafakazi bakaJesu;


Sebedabule isihlenge baze bafika ePhafosi, bafumana indoda ethile eyisanusi, umprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu.


Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.


USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite