Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 6:9 - Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 6:9
43 Referans Kwoze  

Ufanele, Nkosi, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wena wadala zonke izinto, nangokwentando yakho zikhona, zadalwa.


Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kodwa namukele uMoya wobuntwana, esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba.


Ngokuba ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!


bethi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwa ukwamukela amandla, nengcebo, nokuhlakanipha, namandla, nodumo, nenkazimulo, nokubusiswa.


Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye na?


Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.


Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngokuba munye uYihlo osezulwini.


Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.


Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi kuye: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho;


Futhi uma nibiza uBaba owahlulela wonke umuntu ngokomsebenzi womuntu engakhethi buso, sebenzisani isikhathi sokuhlala kwenu lapha ngokwesaba;


Onguye yedwa onokungabhubhi, ehlezi ekukhanyeni okungenakusondela kukho; okungekho muntu owake wambona, nongakwazi ukumbona: makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


Indodana yathi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho, angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’


Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo.


Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani;


Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.


Ngakho-ke yibani ngabaphelele, njengoba noYihlo osezulwini ephelele.


UPawuli umphostoli, ongaveli ebantwini, kungengomuntu, kodwa ngoJesu Kristu, loNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo;


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.


Wabuye wahamba ngokwesibili, wakhuleka, wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzi, mayenziwe intando yakho.


kubo bonke abaseRoma, abathandekayo bakaNkulunkulu, ababizelwe ukuba ngabangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? futhi ayisoze yawela phansi enye yazo ngaphandle kukaYihlo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite