Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 26:39 - Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, makudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 Waqhubeka ibangana, wawa ngobuso, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, mayedlule kimi le ndebe, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kube njengokuba uthanda wena.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, makudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 26:39
27 Referans Kwoze  

Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


efunyenwe enesimo njengomuntu, wazithoba, waba ngolalelayo kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.


Wabuye wahamba ngokwesibili, wakhuleka, wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzi, mayenziwe intando yakho.


Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;


Mina ngingenze lutho ngokwami; ngoba kangifuni intando yami, kodwa intando kaBaba ongithumileyo.


Kodwa ukuze umhlaba wazi ukuthi ngiyamthanda uBaba; futhi njengoba uBaba engiyalile, kanjalo ngenza. Vukani, sisuke lapha.


Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba yakho esikhwameni;


Balisusa-ke itshe endaweni lapho ofile ayebekwe khona. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.


Kodwa uJesu waphendula wathi: Kalikwazi enikucelayo. Ningakwazi yini ukuyiphuza indebe engizoyiphuza mina, futhi nibhapathizwe ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo na? Bathi kuye: Singakwenza.


Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.


Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;


Kwathi esangena uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ezinyaweni zakhe, wakhuleka kuye.


Wawa ngobuso ezinyaweni zakhe embonga; futhi yena wayengumSamariya.


Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, nabakhethiweyo.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite