Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 12:10 - Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” – ukuze bammangalele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kwakukhona umuntu owayenesandla esishwabene; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha na?” Babembuza nje ukuze bammangalele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 12:10
21 Referans Kwoze  

Umphathi wesinagoge waphendula ngokuthukuthela, ngokuba uJesu esilisa ngesabatha, wathi kubantu: Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; ngakho wozani ngazo, niphulukiswe, kungabi ngesabatha. usuku.


Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo.


Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokumbeka icala. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini, kungathi akezwanga.


Base bethi abaJuda kophulukisiwe: Kuyisabatha;


bemqamekela, befuna ukubamba utho oluphuma emlonyeni wakhe, ukuze bambeke icala.


Kepha abaFarisi sebekubona bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha.


Kwakulele kuyo isixuku esikhulu sabagulayo, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi.


Base beqala ukumthwesa icala, besithi: Simfumene lo edukisa isizwe, enqabela ukuthela kuKesari, esithi yena unguKristu iNkosi.


Wathi kubo: “Nilethe kimi lo muntu njengophambukisa abantu;


Kuvunyelwe yini kithi ukuthela kuKesari, noma qha?


AbaFarisi beza kuye bemlinga, bathi kuye: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo nganoma yisiphi isizathu?


Basebemqaphela ukuthi uzamsilisa yini ngesabatha; ukuze bambeke icala.


Uma umuntu emukela ukusoka ngesabatha, ukuze kungephulwa umthetho kaMose; niyangithukuthelela, ngokuba ngiphilise umuntu ngesabatha na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite