Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 3:10 - Baasraak Zulu New Testament Bible

10 sembathe umuntu omusha, owenziwa musha ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 nembethe omusha, owenziwa musha njalo ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 sembathe umuntu omusha, owenziwa musha ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 3:10
33 Referans Kwoze  

Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle uNkulunkulu ayimisela ngaphambili ukuba sihambe kuyo.


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani izinhliziyo zesihe, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela;


Ngakho uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; bheka, sekuvele okusha.


Phezu kwakho konke lokho yembathani uthando, oluyisibopho sokuphelela.


Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela; ngalokho siyazi ukuthi sikuye.


Kepha yembathani iNkosi uJesu Kristu, ningakhathaleli inyama ukuba nifeze izinkanuko zayo.


Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.


Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili bafane nomfanekiso weNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.


Wasesithi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Khangela, ngenza konke kube kutsha. Yathi kimi: Bhala, ngokuba lawa mazwi aqinisile, athembekile.


Echithile ubutha enyameni yakhe, umthetho wemiyalo osezimisweni; ukuze enze kuye ngababili umuntu munye omusha, enze ukuthula;


Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho, kodwa isidalwa esisha.


Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obembuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni, siyaguqulwa sifane naye sisuka enkazimulweni siye enkazimulweni, njengalokhu sikuye uMoya weNkosi.


Ubusuku budlulile, usuku selusondele; ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya.


Ngoba lina lonke elabhabhathizelwa kuKristu lembethe uKristu.


uma behlubuka, babuye bavuselelwe ekuphendukeni; njengoba sebezibethela kabusha iNdodana kaNkulunkulu, futhi bayithela ngehlazo obala.


Ngakho sembelwa kanye naye ngokubhapathizelwa ekufeni, ukuze njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.


Ngakho kasidangali; kepha noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.


ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nempumelelo ekwazini konke okuhle okukini kuKristu Jesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite