Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 2:13 - Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Nani enifile ezonweni zenu nokungasoki kwenyama yenu, uniphilise kanye naye, esenithethelele zonke iziphambeko;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenu wanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono zethu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Nani-ke ebenifile ngeziphambeko zenu nokungasokwa kwenyama yenu, wanenza ukuba niphile kanye naye, esithethelela zonke iziphambeko zethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Nani enifile ezonweni zenu nokungasoki kwenyama yenu, uniphilise kanye naye, esenithethelele zonke iziphambeko;

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 2:13
36 Referans Kwoze  

Nani uniphilise enanifile ngeziphambeko nezono;


Kepha uma uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngoMoya wakhe ohlala kini.


owasenza futhi amandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esitsha; kungeyisikho okulotshiweyo kodwa okukamoya, ngoba okulotshiweyo kuyabulala, kodwa umoya uyaphilisa.


Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?


okuwukuthi uNkulunkulu ekuKristu, enza izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo; futhi ubeke kithi izwi lokubuyisana.


Ngakho khumbulani ukuthi nina enikade ningabezizwe enyameni, ababizwa ngokuthi abangakasoki ngalokho okuthiwa ngabasokile enyameni okwenziwa ngezandla;


Bekufanele ukuthi sijabule sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, wabuye waphila; yayilahlekile, yafunyanwa.


Ngokuba le ndodana yami ibifile, isiyaphila futhi; ubelahlekile, usetholakele. Basebeqala ukujabula.


Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.


Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.


Kanjalo kulotshiwe ukuthi: Umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.


futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga.


Ngiyalibhalela, bantwanyana, ngoba izono zenu zithethelelwe ngenxa yebizo lakhe.


Siphukuphuku, lokho okuhlanyelayo kakwenziwa kuphile, ngaphandle kokuthi kufe;


Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise; ngokunjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.


UJesu wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo;


Ngakho-ke masiyeke iziqondiso zesifundiso sikaKristu, siqhubekele ekupheleleni; singabeki futhi isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, lokukholwa kuNkulunkulu;


Kepha ophila ekuzijabuliseni ufile esekhona.


(njengokulotshiweyo ukuthi: Ngikumisile ube nguyise wezizwe ezinengi), phambi kwalowo akholwayo, uNkulunkulu, ophilisa abafileyo, njalo obiza izinto ezingekho njengokungathi zikhona.


Ngumoya ophilisayo; inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhuluma kini angumoya, angukuphila.


Kodwa uyathanda yini ukwazi wena muntu oyize, ukuthi ukholo olungelamisebenzi lufile?


Kanjalo nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile kukodwa.


Ngiyakuyala emehlweni kaNkulunkulu ophilisa zonke izinto, naphambi kukaKristu Jesu owafakaza isivumo esihle phambi kukaPontiyu Pilatu;


Nangcwatshwa kanye naye embhapathizweni, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokholo lwamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite