Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 6:8 - Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngokuba ohlwanyelela enyameni yakhe uyakuvuna ukonakala enyameni; kodwa ohlwanyelela kuMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ohlwanyela imisebenzi yakhe yemvelo eyonakeleyo, uyakuvuna ukubhubha kuyo imvelo eyonakeleyo; kodwa ohlwanyela kuMoya, uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba ohlwanyelela enyameni yakhe uyakuvuna ukonakala enyameni; kodwa ohlwanyelela kuMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 6:8
31 Referans Kwoze  

Ngokuba uma niphila ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.


Lesithelo sokulunga sihlanyelwa ekuthuleni kulabo abenza ukuthula.


bebathembisa inkululeko, bona ngokwabo bayizigqila zokubhubha;


Ningakhohliswa; UNkulunkulu akahlekwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu uyakuvuna kona futhi.


Kepha yembathani iNkosi uJesu Kristu, ningakhathaleli inyama ukuba nifeze izinkanuko zayo.


Ongalungile makenze okungalungile; nongcolileyo makaqhubeke engcolile, nolungileyo makaqhubeke elungile, nongcwele makahlale ngcwele.


Ovunayo wemukela inkokhelo, abuthe isithelo ekuphileni okuphakade, ukuze ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.


Zigcineni othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu kuze kube ngukuphila okuphakade.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;


futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga.


Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu, ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kakhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.


ukuze sesilungisisiwe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa ngokwethemba lokuphila okuphakade.


Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.


ongayikwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi, nasezweni elizayo ukuphila okuphakade.


Kepha laba, njengezilwane ezingenangqondo, ezizalelwe ukubanjwa zibhujiswe, bahlambalaza abangaziqondiyo; futhi bayobhubha nokubhubha ekonakaleni kwabo;


Kodwa ngenxa yalokhu ngahawukelwa, ukuze kimi mina engingomkhulu uJesu Kristu abonakalise konke ukubekezela, ngibe yisibonelo kwabazakholwa kuye ekuphileni okuphakade.


Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.


Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa; kepha ukunaka okomoya kungukuphila nokuthula.


Kepha uma uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngoMoya wakhe ohlala kini.


Kunjalo futhi nokuvuka kwabafileyo. Kuhlwanyelwa kunokonakala; livuswa linokungonakali;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite