Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 3:16 - Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: “Ezinzalweni,” kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abhrahama nolibo lwakhe; akasho ukuthi: “Olibeni,” eqonde abaningi, kodwa eqondise koyedwa, nasolibeni lwakho, olunguKhristu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 3:16
28 Referans Kwoze  

Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asifikanga ku-Abrahama nenzalo yakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.


njengalokho yakhuluma kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.


Ngakho-ke kungokholo, ukuze kube ngomusa; ukuze isithembiso siqiniseke kuyo yonke inzalo; kungeyisikho lokho okungokomthetho kuphela, kodwa nakulokho okungokukholwa kuka-Abrahama; ongubaba wethu sonke.


Umbhalo ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walitshumayela ngaphambili ivangeli kuAbrahama, lokuthi: Izizwe zonke zizabusiswa ngawe.


Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza nokhokho bethu, ethi ku-Abrahama: ‘Nangenzalo yakho imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa.’


lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Nina-ke ningumzimba kaKristu, nezitho ngabanye.


Ngokuba njengalokhu umzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zalowo mzimba munye, nakuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo noKristu.


Kanjalo thina esibaningi singumzimba munye kuKristu, futhi wonke amalungu omunye komunye.


futhi engabambi iNhloko, okuvela kuyo ukuthi wonke umzimba, osondliwayo, uhlanganiswa, uhlanganiswa, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.


Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.


Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.


Obani abangama-Israyeli; okungokwabo ukuma kwabantwana, nenkazimulo, nezivumelwano, nokunikwa komthetho, nenkonzo kaNkulunkulu, nezithembiso;


BangamaHebheru na? nami nginjalo. Bangama-Israyeli na? nami nginjalo. Bayinzalo ka-Abrahama na? nami futhi.


Pho kungani ukhonza umthetho? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo okwakwenziwe kuyo isithembiso; wamiswa ngezingelosi ngesandla somlamuleli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite