Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 1:8 - Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kepha noma yithina noma ingelosi evela ezulwini inishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kepha noma ngabe yithi noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli ngaphandle kwalelo esanishumayeza lona, lowo makaqalekiswe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha noma yithina noma ingelosi evela ezulwini inishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 1:8
23 Referans Kwoze  

Njengoba sesishilo ngaphambili, ngiyaphinda futhi manje: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo.


Uma umuntu engayithandi iNkosi uJesu Kristu, makabe ngoqalekisiweyo.


Ngoba bengingathanda ukuthi mina ngokwami ngibe ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami, izihlobo zami ngokwenyama;


Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;


Banamehlo agcwele ukuphinga, abangayeki esonweni; bekhohlisa imiphefumulo engazinzile: nenhliziyo efundiswe ukuhaha; izingane eziqalekisiwe:


Bona-ke beza kubapristi abakhulu labadala bathi: Sizibophe ngesiqalekiso, ukuthi kasiyikudla lutho singakambulali uPawuli.


Umuntu ongumhlubuki emva kokuyalwa kokuqala nokwesibili umlahle;


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, esenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uqalekisiwe wonke olenga emthini;


Ngakho ngiyanazisa ukuthi akakho okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu othi: “Uqalekisiwe uJesu;


Kodwa waqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu enikhuluma ngaye.


Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangahlali kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho, ukuba bakwenze.


Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nezikhubekiso bephambene nesifundiso enasifundiswa nina; futhi ubagweme.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite