Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 7:25 - Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Ngakho unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubakhulekela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngakho unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubakhulekela.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 7:25
44 Referans Kwoze  

Ngubani olahlayo? NguKristu owafa, yebo, kakhulu owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, osinxuselayo.


Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu;


Kuye olamandla okulilinda ekukhubekeni, lokulimisa phambi kwenkazimulo yakhe lingelasici ngentokozo enkulu;


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngaMoya munye kuBaba.


okungaye futhi sinokungena ngokholo kulo musa esimi kuwo, sizibonga ethembeni lenkazimulo kaNkulunkulu.


Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.


Kuye yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikucabangayo ngokwamandla asebenza kithi.


Ngoba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso weyeqiniso; kodwa ungene ezulwini uqobo, ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.


Ngokuba umthetho awuphelelisanga lutho, kepha kwangeniswa ithemba elingcono; esisondela ngayo kuNkulunkulu.


Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.


Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;


Ngakho masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.


ongenziwanga ngokomthetho womyalo wenyama, kodwa ngokwamandla okuphila okungenasiphelo.


Ngokuba kulokhu wahlupheka yena elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.


oyakuguqula umzimba wethu odelelekile, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, namandla anamandla okuzehlisa ngawo zonke izinto ngaphansi kwakhe.


Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade;


Ngenxa yalokhu lami ngihlupheka ngalezizinto, kodwa kangilanhloni, ngoba ngiyamazi engikholiweyo, njalo ngiqinisekile ukuthi ulamandla okulondoloza lokho engikubeke kuye kuze kufike lolosuku.


Kepha yena, ngokuba ehlala phakade unobupristi obungenakuguquleka.


esilesibindi kuye lokungena ngesibindi ngokholo lwakhe.


Futhi lapha abantu abafayo bamukela okweshumi; kodwa lapho uyawemukela, ofakazelwa ngaye ukuthi uyaphila.


Ngokuba uma, siseyizitha, sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana.


Ngokuba kuthe ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.


Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite