Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 3:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Bazalwane, qaphelani ukuba kungabi bikho nakoyedwa inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 3:12
37 Referans Kwoze  

Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Ngakho-ke othi umile makaqaphele ukuba angawi.


Kepha olungileyo uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyikuthokoza ngaye.


nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;


Ngakho-ke ngaba lusizi ngaleso sizukulwane, ngathi: Bahlala beduka ezinhliziyweni zabo; futhi abazazi izindlela zami.


Qaphelani, nilinde, nikhuleke, ngokuba anazi ukuthi isikhathi sinini.


UJesu waphendula wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu.


Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.


Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga amagatsha emvelo, funa akuyeke nawe.


Wathi: “Xwayani ningadukiswa; nesikhathi sisondele; ngakho-ke ningabalandeli.


Kepha qaphelani nina; bhekani, nginitshele konke ngaphambili.


USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu.


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, eningabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini, cabangani ngomphostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu, uKristu Jesu;


Ngakho siyabona ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa.


Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?


Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite