Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 12:25 - Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 12:25
36 Referans Kwoze  

abakhonza isibonelo nethunzi lezinto zasezulwini, njengalokho uMose eyalwa nguNkulunkulu esezakwenza itabernakele, ngokuba wathi: “Bheka ukuba wenze zonke izinto ngokomfanekiso owaboniswa wona entabeni.


Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.


UJesu wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu; kepha hamba, uziveze kumpristi, unikele umnikelo uMose ayala ngawo, kube ngubufakazi kubo.


njalo bazafulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphendukele ezinganekwaneni.


Qaphelani ukuthi kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kodwa landelani njalo okuhle phakathi kwenu lakubo bonke abantu.


UMose lo abamalayo, bethi: “Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli na? yena uNkulunkulu wamthuma ukuba abe ngumbusi nomkhululi ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni.


Kodwa ngobani abadabukisayo iminyaka engamatshumi amane? Kwakungebona abonileyo, izidumbu zabo zawela ehlane na?


Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.


Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi, ngokuba ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaprofethi, nabagcina amazwi ale ncwadi;


Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;


Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;


UNkulunkulu owakhuluma endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi.


Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo.


nokukhala kwecilongo, nokuzwakala kwamazwi; okuyizwi abalizwayo banxusa ukuba izwi lingaphinde likhulunywe kubo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite