Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 11:27 - Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 11:27
27 Referans Kwoze  

Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Thina singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo, ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana; kodwa okungabonwayo kungokwaphakade.


Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo.


Bheka, sithi babusisiwe abakhuthazelayo. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, nibonile isiphetho seNkosi; ukuthi iNkosi inesihawu esikhulu, nesihawu.


Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo;


Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko;


Kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, engabonakali, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.


niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.


Ngakho-ke esebekezele wazuza isithembiso.


Onguye yedwa onokungabhubhi, ehlezi ekukhanyeni okungenakusondela kukho; okungekho muntu owake wambona, nongakwazi ukumbona: makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


Ngoba uDavida uthi ngaye: Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngoba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa;


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.


njalo kabanampande phakathi kwabo, bahlala okwesikhathi; kuthi sekuvele ukuhlupheka kumbe ukuzingelwa ngenxa yelizwi, bahle bakhubeke.


Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.


Ongumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, izibulo lezidalwa zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite