Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 10:39 - Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Kodwa thina asisibo abokuhlehlela emuva ekubhujisweni; kodwa kwabakholwayo kube ngukusindiswa komphefumulo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Kodwa thina asisibo abokuhlehlela emuva ekubhujisweni; kodwa kwabakholwayo kube ngukusindiswa komphefumulo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 10:39
28 Referans Kwoze  

Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?


nina enigcinwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo kube yinsindiso elungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina.


Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa; kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.


Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, kulabo abenza isono esingesiso esokufa. Kukhona isono sokufa; angisho ukuthi uyakusithandazela.


Kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kugcinelwe usuku lokwahlulelwa nokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.


Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo.


Ngoba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka, kodwa ukuzuza insindiso ngeNkosi yethu uJesu Kristu;


Ngisenabo ezweni ngabagcina egameni lakho labo onginike bona, ngibagcinile; ukuze kugcwaliseke umbhalo.


Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina.


Khona uyahamba uzithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kakhulu kunawo; bangene bahlale khona; isimo sokugcina salowo muntu sibe sibi kunesokuqala.


Maningadukiswa muntu nangayiphi indlela, ngokuba lolo suku aluyikufika, ngaphandle kokuthi kufike ukuhlubuka kuqala, ambulwe lowo muntu wesono, indodana yokulahlwa;


Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


Nesilo esasikhona, kepha esingasekho, singesesishiyagalombili, kepha siphuma kweziyisikhombisa, siya ekubhujisweni.


Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, awusekho umhlatshelo wezono;


Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasogibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekubhujisweni nasekubhujisweni.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade, akayi ekwahlulelweni; kodwa wedlulile ekufeni wangena ekuphileni.


Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; bayakwenyuka bephuma kwalasha, baye ekubhujisweni; bayakumangala abahlezi emhlabeni, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusekelweni komhlaba, lapho bebona isilo esasikhona, ayikho, kanti nokho ikhona.


Kepha olungileyo uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyikuthokoza ngaye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite