Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 9:16 - Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngakho-ke abanye kubaFarisi bathi: “Lo muntu akaveli kuNkulunkulu, ngokuba akawuhloniphi umthetho wesabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwehlukana phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi




Johane 9:16
18 Referans Kwoze  

Kwaphinda kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawa mazwi.


Kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini.


Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye esixukwini, abanye bathi: “Umuhle;” abanye bathi: “Qha; kodwa udukisa abantu.


Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.


Kepha abaFarisi sebekubona bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha.


Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;


Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani yimi ngenxa yayo yona imisebenzi.


Base bephinda bembiza lowo muntu owayeyimpumputhe, bathi kuye: “Dumisa uNkulunkulu;


Ngakho abaJuda baphikisana bodwa, besithi: Lo angasinika njani inyama yakhe ukuthi siyidle?


Kepha mina nginobufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.


Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye ngakumaJuda, abanye ngakubaphostoli.


Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala.


Umphathi wesinagoge waphendula ngokuthukuthela, ngokuba uJesu esilisa ngesabatha, wathi kubantu: Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; ngakho wozani ngazo, niphulukiswe, kungabi ngesabatha. usuku.


Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye.


Base bethi abaJuda kophulukisiwe: Kuyisabatha;


Uma umuntu emukela ukusoka ngesabatha, ukuze kungephulwa umthetho kaMose; niyangithukuthelela, ngokuba ngiphilise umuntu ngesabatha na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite