Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 8:33 - Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama, asizange sibe yizigqila zamuntu; usho kanjani ukuthi: Niyakukhululwa na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama thina, asibonange sibe yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 Bamphendula, bathi: “Thina singabolibo luka-Abhrahama, asikaze sibe yizigqila zamuntu. Usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama, asizange sibe yizigqila zamuntu; usho kanjani ukuthi: Niyakukhululwa na?

Gade chapit la Kopi




Johane 8:33
18 Referans Kwoze  

Ningacabangi ukusho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.


Baphendula, bathi kuye: Ubaba wethu uAbrahama. UJesu wathi kubo: Uma ningabantwana baka-Abrahama, benizokwenza imisebenzi ka-Abrahama.


Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kodwa nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami alinandawo kini.


Kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina, nodadewabo kanina, noMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.


Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kwenu: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.


Aniqondi ngani ukukhuluma kwami na? ngoba anikwazi ukuzwa izwi lami.


Futhi, ngokuba beyinzalo ka-Abrahama, bangabantwana bonke, kepha kuthiwa: ‘Inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite