Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 8:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Khona uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Khona uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe;

Gade chapit la Kopi




Johane 8:12
31 Referans Kwoze  

Mina ngizile njengokukhanya emhlabeni, ukuze yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


Ngisekhona emhlabeni ngiwukukhanya kwezwe.


UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukini. Hambani nisenokukhanya, funa ubumnyama bunifikele, ngokuba ohamba ebumnyameni akazi lapho eya khona.


Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala.


Nakhu ukulahlwa, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo yayimibi.


Ngokuba uma uNkulunkulu engaziyekanga izingelosi ezonayo, kepha waziphonsa esihogweni, wazinikela emaketangeni obumnyama, zigcinelwe ukwahlulelwa;


Ngokuba iNkosi yasiyala kanjalo, ithi: “Ngikubekile ukuba ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


ukuze uKristu ahlupheke, abe ngowokuqala ukuvuka kwabafileyo, amemezele ukukhanya kubantu nakwabezizwe.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.


Izizwe zabasindiswayo ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo inkazimulo nodumo lwawo.


ukukhanya kokukhanyisa abezizwe, nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli.


amagagasi olwandle abilayo, ekhihliza amahlazo awo; izinkanyezi ezidukayo, ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama kuze kube phakade.


Laba bayimithombo engenamanzi, amafu aqhutshwa yisiphepho; abagcinelwe inkungu yobumnyama kuze kube phakade.


Nezingelosi ezingagcinanga isikhundla sazo sokuqala, kepha zashiya ikhaya lazo, uzigcinile ngamaketanga aphakade phansi kobumnyama kuze kube ngukwahlulelwa kosuku olukhulu.


Nisenokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya. UJesu wakhuluma lokho, wamuka, wacasha kubo.


Uma sithi sinenhlanganyelo naye, kepha sihamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite