Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 7:37 - Baasraak Zulu New Testament Bible

37 Kwathi ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

37 Kepha ngosuku lomkhosi lokugcina, uJesu wasukuma wamemeza, wathi: “Uma kukhona owomileyo, makeze kimi, aphuze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Kwathi ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.

Gade chapit la Kopi




Johane 7:37
50 Referans Kwoze  

Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.


UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba; okholwa yimi kasoze oma naphakade.


UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.


UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo.


Wathi kimi: Sekwenzekile. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho. Owomileyo ngiyakumnika ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma sikhululekile; futhi sonke sinathiswa uMoya munye.


Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili.


Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


Aninakuphuza indebe yeNkosi nendebe yamademoni; anikwazi ukuhlanganyela etafuleni leNkosi nasetafuleni lamademoni.


Banatha bonke isiphuzo esifanayo sokomoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elalibalandela, lelo Dwala lalinguKristu.


Futhi ningadakwa yiwayini, lapho kukhona ukuganga; kodwa gcwaliswani ngoMoya;


Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami;


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle.


Kodwa anithandi ukuza kimi, ukuze nibe nokuphila.


Wathi: “Mina ngiyizwi lomemeza ehlane, ethi: ‘Lungisani indlela yeNkosi,’ njengalokho washo u-Isaya umprofethi.


Khona uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi lapho ngivela khona;


Ngokuba nguyena okwakhulunywa ngaye u-Isaya umprofethi, ethi: “Izwi lomemeza ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.’


Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.


Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, kawunalutho lokukha, nomthombo ujulile; uwathathephi lawo manzi aphilayo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite