Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 6:37 - Baasraak Zulu New Testament Bible

37 Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

37 Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle.

Gade chapit la Kopi




Johane 6:37
30 Referans Kwoze  

Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


Nalokhu kuyintando kaBaba ongithumileyo, ukuba konke anginike khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngosuku lokugcina.


Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.


Ngilibonakalisile igama lakho kubantu onginike bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.


njengalokhu uyiphile amandla phezu kwenyama yonke, ukuze bonke omnike yona, ibaphe ukuphila okuphakade.


Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu; kodwa walingwa kukho konke njengathi, kodwa engenasono.


Nokho isisekelo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu: INkosi iyabazi abangabayo. Futhi, Wonke obiza ibizo likaKristu kadede ebubini.


Kodwa ngenxa yalokhu ngahawukelwa, ukuze kimi mina engingomkhulu uJesu Kristu abonakalise konke ukubekezela, ngibe yisibonelo kwabazakholwa kuye ekuphileni okuphakade.


Wasesithi: Kungakho ngithe kini: Kakho ongeza kimi, ngaphandle kokuthi ukuphiwe nguBaba.


Futhi umthetho wangena, ukuze isiphambeko sande. Kepha lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi;


UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngoba uba babengabakithi, ngabe bahlala lathi;


Ngakho unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubakhulekela.


Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.


Ngokuba niphiwe nina ngenxa kaKristu, kungesikho ukukholwa kuye kuphela, kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe;


Kalokhu angisekho ezweni, kepha bona basezweni, mina ngiza kuwe. Baba oNgcwele, bagcine egameni lakho labo onginike bona, ukuze babe munye, njengathi.


Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite