Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 5:44 - Baasraak Zulu New Testament Bible

44 Ningakholwa kanjani nina enidumisa omunye komunye, ningaludingi udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

44 Pho ningakholwa kanjani nisadumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu okunguye yedwa na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Ningakholwa kanjani nina enidumisa omunye komunye, ningaludingi udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa na?

Gade chapit la Kopi




Johane 5:44
26 Referans Kwoze  

Ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.


Kodwa umJuda enguye ngaphakathi; nokusoka kungokwenhliziyo emoyeni, kungabi ngokombhalo; okudumisa kwakhe akuveli kubantu, kodwa kuNkulunkulu.


Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lweze; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.


Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo;


ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.


kodwa inkazimulo, nodumo, nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki;


Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;


Yathi kuyo: “Kuhle, nceku enhle; ngokuba ubuthembekile kokuncane, yiba namandla phezu kwemizi eyishumi.


Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi ngokukhetha abantu.


Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo.


Ngoba akusiye ozincomayo owamukelekayo, kodwa onconywa yiNkosi.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.


Aniqondi ngani ukukhuluma kwami na? ngoba anikwazi ukuzwa izwi lami.


Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ingasolwa.


Angilamukeli udumo ebantwini;


Asifunanga ukudunyiswa ngabantu, nakini, noma kwabanye, nakuba sasingaba umthwalo njengabaphostoli bakaKristu.


Kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, engabonakali, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


KuNkulunkulu yedwa ohlakaniphileyo, uMsindisi wethu, makube inkazimulo nobukhosi, nobukhosi, namandla, manje naphakade. Amen.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite