Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 5:39 - Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.

Gade chapit la Kopi




Johane 5:39
51 Referans Kwoze  

Eqala kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.


Wathi kubo: Lawa angamazwi engawakhuluma kini ngisenani, ukuthi kumele kugcwaliseke konke okulotshiweyo emlayweni kaMozisi, lakubaprofethi, lemahutsheni, mina.


Labo babenobuntu kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, behlola imibhalo imihla ngemihla ukuthi zinjalo yini lezo zinto;


UJesu waphendula, wathi kubo: Nidukile, ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.


Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo, lokhu bengamazi, noma amazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha, bawagcwalisile ngokumlahla.


Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimi, ngokuba yena waloba ngami.


Kuningi ngezindlela zonke; okokuqala, ngokuba baphathiswa amazwi kaNkulunkulu kubo.


Aniwufundanga yini lo mbhalo; Itshe abalinqabayo abakhi laba yinhloko yegumbi;


Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;


(ayayithembisa ngaphambili ngabaprofethi bakhe emibhalweni engcwele,)


Nkosi Agripha, uyakholwa ngabaprofethi na? Ngiyazi ukuthi uyakholwa.


Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenya, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.


Ukhona omunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi afakaza ngami buqinisile.


Kepha mina nginobufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.


Wasesithi kuso: Uba bengalaleli uMozisi labaprofethi, kabayikuvunyiswa, loba kuvuka omunye kwabafileyo.


Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.


Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.


U-Abrahama wathi kuye: “BanoMose nabaprofethi; mabezwe.


UFiliphu wafumana uNathanayeli, wathi kuye: “Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.


Abesifazane bemukela abafileyo babo bevusiwe; abanye bahlushwa, kabavuma ukukhululwa; ukuze bathole ukuvuka okungcono kakhulu;


Wayesethi kubo: “O nina ziwula enilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi!


Kodwa anithandi ukuza kimi, ukuze nibe nokuphila.


Wasephendula wathi kubo: UMozisi walilaya ngani?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite