Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 14:23 - Baasraak Zulu New Testament Bible

23 UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;

Gade chapit la Kopi




Johane 14:23
30 Referans Kwoze  

Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.


Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami.


Ngakho-ke lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni makuhlale kini. Uma lokho enakuzwa kwasekuqaleni kuhlala kini, nani niyohlala eNdodaneni nakuBaba.


Nina ningabakaNkulunkulu, bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.


Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? ngokuba nina niyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; njengalokhu uNkulunkulu eshilo ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngizakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Mina noBaba simunye.


Odla inyama yami, anathe igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.


UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini.


Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke neWundlu bayithempeli lawo.


Akusayikuba-khona isiqalekiso, kepha isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo; nezinceku zakhe ziyakumkhonza;


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akubona ukufa naphakade.


Base bethi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni. U-Abrahama ufile, nabaprofethi; wena-ke uthi: Uba umuntu egcina ilizwi lami, kasoze ezwe ukufa laphakade.


Ongangithandiyo akagcini amazwi ami; nezwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo.


Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe.


Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngaphuma kuNkulunkulu.


ukuze uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa; ukuze nina, nigxilile, nisekelwe othandweni;


Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela; ngalokho siyazi ukuthi sikuye.


Ngokuba uthando lukaNkulunkulu yilokhu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.


Yilokhu uthando, ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe. Yilo umyalo wokuba nihambe kuwo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite