Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:42 - Baasraak Zulu New Testament Bible

42 Nokho nabaningi bababusi bakholwa kuye; kodwa ngenxa yabaFarisi kabavumanga, hlezi baxotshwe esinagogeni;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

42 Nokho-ke nakuba kunjalo, ababusi abaningi bakholwa kuye, kodwa ngenxa yabaFarisi abamvumanga esidlangalaleni, funa baxoshwe esinagogeni,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

42 Nokho nabaningi bababusi bakholwa kuye; kodwa ngenxa yabaFarisi kabavumanga, hlezi baxotshwe esinagogeni;

Gade chapit la Kopi




Johane 12:42
25 Referans Kwoze  

Abazali bakhe bakusho lokho, ngokuba besaba abaJuda, ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma umuntu ovuma ukuthi unguKristu, akhishwe esinagogeni.


Kepha kwakungekho muntu owakhuluma ngaye obala ngokwesaba abaJuda.


Ngakho-ke lowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini.


Ovumayo ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.


Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: Bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu uzile enyameni bangabakaNkulunkulu;


Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga; futhi ngomlomo kuvuma kube yinsindiso.


Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.


Emva kwalokho uJosefa wase-Arimathiya, engumfundi kaJesu, kodwa ekusithekeni ngokwesaba abaJuda, wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wamvumela. Ngakho weza wathatha isidumbu sikaJesu.


Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.


ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka, bakholwa nguJesu.


Ngakho abaningi kubaJuda ababeze kuMariya bebona akwenzileyo uJesu bakholwa nguye.


Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.


Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.


Futhi ngithi kini: Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, neNdodana yomuntu nayo iyakumvuma phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;


Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.


Kwathi uPilatu esebizele ndawonye abapristi abakhulu lababusi labantu.


Abaningi esixukwini bakholwa kuye, bathi: “Nxa uKristu esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezi azenzileyo lona na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite