Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 12:32 - Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Mina-ke, uma ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 Mina-ke, uma sengiphakanyisiwe emhlabeni, ngiyakudonsela kimi bonke abantu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Mina-ke, uma ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.

Gade chapit la Kopi




Johane 12:32
23 Referans Kwoze  

Khona uJesu wathi kubo: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami; kodwa njengoba uBaba engifundisile, ngikhuluma lezizinto.


Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa;


yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.


Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo emdonsa, mina-ke ngiyakumvusa ngosuku lokugcina.


yena uyinhlawulo yezono zethu, kungengezethu zodwa, kodwa nezono zezwe lonke.


owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi ngesikhathi esifaneleyo.


Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, esenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uqalekisiwe wonke olenga emthini;


Yena wezela ubufakazi, ukuze afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.


Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;


Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;


Yena waphuma ethwele isiphambano sakhe, waya endaweni ebizwa ngokuthi iNdawo Yokhakhayi, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha;


Isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uhlala phakade; usho kanjani ukuthi: INdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? ingubani le Ndodana yomuntu na?


ukuze ligcwaliseke ilizwi likaJesu alikhulumayo, etshengisa ukuthi kukufa kuni ayezakufa ngakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite