Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 11:25 - Baasraak Zulu New Testament Bible

25 UJesu wathi kuye: Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efile, wophila.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi noma efa uyakuphila,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJesu wathi kuye: Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efile, wophila.

Gade chapit la Kopi




Johane 11:25
41 Referans Kwoze  

Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa wabuye wavuka, ngokunjalo-ke nalabo abalele kuJesu uNkulunkulu uyobaletha kanye naye.


Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.


Kuye kwakukhona ukuphila; futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu.


Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise; ngokunjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.


Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo emdonsa, mina-ke ngiyakumvusa ngosuku lokugcina.


Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila kuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nokufa.


UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba; okholwa yimi kasoze oma naphakade.


UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.


ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngifaniswe nokufa kwakhe;


Kepha abanye abafileyo ababuyanga baphile, yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala.


Labulala uMbusi wokuphila, uNkulunkulu amvusa kwabafileyo; esingofakazi bakho.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Ngokuba njengalokhu uBaba enokuphila ngokwakhe; ngokunjalo uyiphile iNdodana ibe nokuphila kuyo;


UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.


Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.


Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu:


Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


sisazi ukuthi yena owavusa iNkosi uJesu uzasivusa lathi ngoJesu, asethule kanye lani.


(njengokulotshiweyo ukuthi: Ngikumisile ube nguyise wezizwe ezinengi), phambi kwalowo akholwayo, uNkulunkulu, ophilisa abafileyo, njalo obiza izinto ezingekho njengokungathi zikhona.


UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.


Uma kungenjalo, bayakwenzani ababhapathizwa ngenxa yabafileyo, uma abafileyo bengavuki na? babhabhathizelwani abafileyo na?


Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile.


Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite