Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 9:31 - Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 9:31
56 Referans Kwoze  

Futhi ithemba alijabhisi; ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.


UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli.


ukuze abangcwele bapheleliswe, umsebenzi wenkonzo, ukwakhiwa komzimba kaKristu;


Ngakho-ke ngibhala lezizinto ngingekho, ukuze kuthi nxa ngikhona ngingenzi kabukhali ngokwamandla iNkosi engiphiwe wona, ukwakha, kungabi awokubhidliza.


Ngokuba noma ngingazibonga kakhulu ngamandla ethu, esinike wona iNkosi ukuba sinakhe, ingasi ukunibhidliza, angiyikujabha;


Ngakho-ke, lokhu sinalezi zithembiso, bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.


Ngakho-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngenani imihla ngemihla.


Kodwa izwi likaNkulunkulu lakhula, landa.


Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.


Kepha nina bathandekayo, zakheni ekukholweni kwenu okungcwelengcwele, nikhuleke ngoMoya oNgcwele;


Ngakho-ke abantu bakaNkulunkulu basalelwe ukuphumula;


futhi ninganaki izinganekwane nezinhlu zozalo ezingenakuphela, ezibanga imibuzo, kunokwakha kukaNkulunkulu okusekukholweni;


Ngakho-ke duduzanani kanyekanye, nakhane, njengalokhu nisenza.


ukuze nihambe ngokufanele iNkosi ngokuthokozisa konke, nithela kuyo yonke imisebenzi emihle, nikhule ekwazini uNkulunkulu;


Ngakho uba kukhona induduzo kuKristu, uba kukhona induduzo yothando, uba kukhona inhlanganyelo kaMoya, uba kukhona isifuba lesihawu,


nizithoba omunye komunye ngokwesaba uNkulunkulu.


Makungaphumi nkulumo eyonakele emlonyeni wenu, kodwa kube kuhle kube kuhle kube nokwakhayo, ukuze kube umusa kwabezwayo.


okuvela kuye ukuthi umzimba wonke uhlanganiswe ngokufaneleyo, ubumbane, ngalokho okunikezwa yilelo nalelolunga, ngokokusebenza esilinganisweni sazo zonke izitho, ukhulisa umzimba kuze kuzakheka othandweni.


Futhi nithi siyazithethelela kini na? sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu, kepha konke sikwenzela ukwakhiwa kwenu, bathandekayo.


Kunjani-ke, bazalwane? Lapho nibuthana, yilowo nalowo unehubo, noma isifundiso, unolimi, noma isambulo, unokuhumusha. Konke makwenziwe kube ngukwakha.


Kanjalo nani, lokhu nishisekela iziphiwo zomoya, funani ukuba nibe nabengeziwe, kwakhiwe ibandla.


Ngakho-ke kasilandeleni izinto eziletha ukuthula lezinto esingakhana ngazo.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokunatha; kodwa ukulunga, lokuthula, lenjabulo kuMoya oNgcwele.


bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


Ukwesaba okukhulu kwehlela phezu kwebandla lonke nakubo bonke abazizwayo lezizinto.


Manje, bazalwane, ngiyaninikela kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, onamandla okulakha, nokuninika ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite