Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 5:31 - Baasraak Zulu New Testament Bible

31 yena uNkulunkulu wamphakamisa ngesandla sakhe sokunene abe nguMbusi noMsindisi, ukuze anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 lowo uNkulunkulu wamphakamisa ngesokunene sakhe abe yiNkosi noMsindisi ukuba anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 Lowo, uNkulunkulu wamphakamisa ngakwesokunene sakhe ukuba abe yiNkosi noMsindisi, anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Yena uNkulunkulu wamphakamisa ngesandla sakhe sokunene abe nguMbusi noMsindisi, ukuze anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 5:31
57 Referans Kwoze  

Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.


Sebezwile lezizinto bathula, bamdumisa uNkulunkulu, besithi: Ngakho uNkulunkulu unikile labezizwe ukuphendukela ekuphileni.


Ngokuba nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Nathi sibonile, siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ibe nguMsindisi womhlaba.


Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe, nezikhona ngaye zonke izinto, lapho eletha amadodana amaningi enkazimulweni, aphelelise ngezinhlupheko umbusi wensindiso yawo.


sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Labulala uMbusi wokuphila, uNkulunkulu amvusa kwabafileyo; esingofakazi bakho.


UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.


KuNkulunkulu yedwa ohlakaniphileyo, uMsindisi wethu, makube inkazimulo nobukhosi, nobukhosi, namandla, manje naphakade. Amen.


Ngoba ngokunjalo lizaphiwa ngokwengezelelwa ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu loMsindisi uJesu Kristu.


UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.


USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuze ukholo oluligugu olufana nolwethu ngokulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu:


Owenyukela ezulwini, ongakwesokunene sikaNkulunkulu; izingelosi, namandla, namandla, kuthotshiswe phansi kwakhe.


esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono;


Ngokuba indaba yethu isezulwini; lapho futhi silindele khona uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.


esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe;


Enimthethelela utho, nami ngiyamthethelela;


Enzalweni yakhe uNkulunkulu uvusele u-Israyeli uMsindisi uJesu, ngokwesithembiso sakhe.


Lo uyitshe eladelwa nina bakhi, eseliyinhloko yegumbi.


UNkulunkulu eseyivusile iNdodana yakhe uJesu, wayithuma kini kuqala, ukuze anibusise ngokuniphendula yilowo nalowo ebubini bakhe.


Ngakho-ke phendukani, niguquke, ukuze kusulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa zivela ebusweni beNkosi;


Ngakho-ke yonke indlu ka-Israyeli mayazi isibili, ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu yena lowo Jesu enambethela esiphambanweni.


ukuze bebona babone, bangaboni; nokuzwa, bezwe, bangaqondi; funa noma nini baphenduke, bathethelelwe izono zabo.


Kodwa ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” esho kofe uhlangothi.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.


Ngokuba uma sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, babuye bahilelwe yikho, bahlulwe, isiphetho sabo sibi kunokuqala.


silindele ithemba elibusisiweyo, nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu;


ingazenzisi, kodwa ibonise ukwethembeka konke okuhle; ukuze bahlotshise imfundiso kaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.


kuThithu, indodana yami uqobo ngokokholo esiluhlanganisile: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu uMsindisi wethu.


Base bethi kowesifazane: “Manje asisakholwa ngenxa yokusho kwakho, ngokuba sizizwile thina ngokwethu, siyazi ukuthi ngempela lo unguMsindisi womhlaba uKristu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite